Title: Umbango Wembokodo Ongenasizathu – asingadlani siqedane siyadingana
Author: Bongi Malishe
Size: 210mm x 148mm, 217 pages
ISBN: 978-0-620-61141-1 (print)
ISBN: 978-0-620-61142-8 (ebook)
Sekuyisikhathi sokubeka ukungezwani eceleni bantu besifazane sakhaneni, sijabulelaneni, samukelaneni. Sekucacile lombango ongenagama awubuyiseli ngalutho, ukuba kunenzuzo yokungamphiwa omunye umuntu wesifazane ngabe sekukhona osethweswe umqhele. Ingoba awusoze wabakhona umvuzo wokuhlukumeza abanye abantu, kunalokho uyazigqilaza, ungeke uzuze lutho ekugcineni.
Izizathu zokungahoshelani kwabantu besifazane umona ukuhlebana, ukubukelana phansi, ukuzibona ungcono kunabanye, ukungahloniphani, ubuxoki nobuphixiphixi, ukuncintisana okungenasidingo, ukungazethembi wena kube sengathi banenkinga abanye abantu kanti konakele wena uqobo.
Ubumbokodo bethu abungavimbi abanye abantu ukuthi baphumelele; abungagandayi imizamo yabo; abungakwenzi wena ugibele phezu kwembokodo bese uzibona ungcono; kunalokho akuvale izikhala ezivelayo kwabanye okungabenza bagcine bengasaphumeleli; akubuyise ubuntu bomuntu wesifazane waseAfrika.
Bongi Malishe 076 8121888, twitter: @bongimalishe2; e-mail: bongimalishe@vodamail.co.za; (fb) bongi malishe
If you are looking for a copy of this book, you can buy a print copy, an ebook or a bulk order from the links below:
Thank you for visiting New Voices xxx