
Title: Isithunzi Sikathisha (Zulu)
Author: Bongi Malishe
Size: 210mm x 148mm, 188 pages
ISBN: 978-0-620-88414-3
Congratulations Bongi Malishe on winning the award for Best Educational Book 2021. You have dedicated yourself and now reap the rewards! It was an honour to work with you on your book. I look forward to the next!


Ubuthishela benziwa lula, nofuna ukusina azibethele ubona kwehlela kubona. Ofuna ukuzizwa amandla ukuthi uyakwazi ukugalela, unabisa uthisha ngenduku kube sengathi lokhu ayikho kuvele kwehla njengemana, wavuka eseyisifundiswa esinehhovisi eliheleza umoya; uvele wehla njengemvula wayothi cababa esihlalweni esijikayo. Umangale nokungenadosi sekutinyela uthisha kodwa akekho ndawo nempilo.
Ofuna ukubheka umholo wakhe ukuthi ukweliphi izinga, ubeka elikathisha la, abheke elakhe, bese emoyizela kancane. Kuyacaca ukuthi isithunzi sikathisha ngaseholweni asibonwa. Othisha ababonakali njengabantu abaphumelele empilweni, imfundisoze leyo, ngabe umhlaba ugubuzelwe ubumnyama ukuba uthisha akazinikelanga kulomkhakha.
Nothisha akangabuvezi ubuthuntu bakhe ehlise isithunzi sakhe njengoba abanye balulaza umsebenzi obaluleke kangaka empilweni. Shela ontanga yakho asebeyicabile indlela yempumelelo; phuza utshwala nontanga yakho ukuze ugcine isithunzi sakho endaweni yaso.
UMnyango wezeMfundo, izinyunyana, abazali, izigungu ezilawula ezikoleni, umfundi, umphakathi ake sonke sibambeni iqhaza ekuvikeleni isithunzi sikathisha. Uma singakwenzi lokho sidayisa ngezwe lethu ngesenti elimnyama.
OPERATION BUYIS’ ISITHUNZI SIKATHISHA!
If you are looking for a copy of this book, you can contact the author and order from the links below:


Thank you for visiting New Voices xxx